Ukubambisana is a noun in zulu which means working together; cooperation.
Yini ukubambisana? Ukubambisana ukusizana futhi ukusebenzisana futhi ukusebenza ndawonye.
Umphakathi obambisene uyakwazi ukulwisana nezinkinga kalula;
Isibonelo: Nangu umuntu ephucwa umakhalekhukhwini.
Umphakathi ongabambisene: uyabuka uzidlulele
Umphakathi obambisene: uzomemeza uthi vimba, vimba isela
Umphakathi osebenza ngokubambisana:
Ngokubambisana singazuza lukhulu kuchaza ukuthi omunye udinga omunye ukuze siye phambili njengabantu, isibonelo: umphakathi uyakwazi ukuhlangana ulungise imigwaqo, umphakathi uyakwazi ukuhlangana ulwisane nobugebengu emphakathi. Uma umuntu oyedwa noyezwa ezozama ngokwakhe angeke siye ndawo njengabantu. Umuntu oyedwa akakwazi ukuhlinza inkomo ayiqede kodwa yibandla lonke elihlinza inkomo liyiqede.
Ngezikhathi zakudala e kzn kusawuhulumeni omdala abantu babekwazi ukuhlangana bakhe izikole, bakhe imigwaqo ngaphandle kokulinda uhulumeni, izinto ezifana nobugebengu zidinga ukubambisana njengomphakathi, ukuhambisana kuhamba indlela ende, kuchaza ukuhlaba ikhwela emphakathini uma ubona okungahambi kahle, ukungathengi izinto kumasela esizuke zintshontshiwe. Ukuhambisana kuchaza ukuphila ngendlela endala lapho uma ubona ingane yakamakhelwane iganga ukhuze njengomzali, ungayeki konakala.
Umuthi wokuphasa wokuhlakanipha esikoleni
Grade 12 Matric whatsapp groups
| Comments | |
| Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla? | |
| |